Kugwazwe 12 weziguli ezibhedlela ezimbili

2018-02-07 07:32

Goma – Umuntu ongaziwa ugwaze iziguli ezingu-12 ebezilele ezibhedlela zaseDemocratic Republic of Congo edolobheni iGoma, kanti kunokwesabela ukuthi lesi sigameko senziwe ngamaphekula, kusho izikhulu ngoLwesibili.

Izisulu ezintathu zilimale kabi kulesi sigameko esenzeke ezibhedlela ezimbili ezahlukene eGoma, kusho uNgqongqoshe wezeMpilo uMartial Kambumbu etshela i-AFP.

"Kungokokuqala sibona kugwazwa iziguli ezibhedlela eGoma,” kusho u-Etienne Kambale, wenye yezinhlangano zomphakathi esifundazweni iNorth Kivu.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe obenza izigqila izisebenzi zasendlini

"Kuyamangaza. Siyazibuza ukuthi ngabe lokhu kwenziwe yi-ADF (Allied Democratic Forces), eseGoma, ngoba iyona ebulala abantu eBeni.

IBeni iyindawo engamakhilomitha angu-250 ukusuka enyakatho yeGoma.

I-ADF kuthiwa isibulale abantu abangaphezu kuka-700 eBeni kusukela ngo-2014.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...