Kufakwe ama-movie nezithombe zocansi kwi-website yeqembu elibusayo

2017-08-03 09:31

Harare – Iqembu likaMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, okuyi-Zanu-PF, ligqekezelwe i-website yalo kwabe sekufakwa ama-movie awumkokotelo kanye nezithombe zocansi kuyona, imibiko isho kanjalo.

Lokhu kugqekezwa kwangoLwesibili kubukeka engathi kwenzeke isikhathi impela kunganakiwe ukuthi sekwenzekile, ngokusho kwe-website yezindaba kanye nemibono, iTechzim.

Ama-movie awumkokotelo afana neDespicable Me 3 kanye neCars 3 afakwe kwi-website ye-Zanu-PF ngaphansi kwesigaba sama-publication.

OLUNYE UDABA: Kushaqeke abalaleli umsakazo wakuleli udlala ucansi lwangempela emoyeni

Le website igcine ilungisiwe ngoLwesibili kusihlwa. NgoLwesithu ntambama, iningi lezinto ezitholakala kule website bese zibuyele esimweni futhi sezisebenza ngokujwayelekile.

ITechzim ithi kunzima ukusho ukuthi lokhu kuhlasela bekuqondene nale website nje ngqo noma bekuwukuhlaselwa kwama-website anezokuphepha ezingaqinile.

Uhulumeni waseZimbabwe uthi ufuna kuphasiswe umthetho wokwenzeka kwi-internet, iCyber Crime and Computer Bill, ngaphambi kokhetho lwangonyaka ka-2018.

Kodwa-ke labo abawugxekayo abayizwa kahle indaba yawo njengoba bethi unezigaba eziningi ezingacacile kahle, nokuyinto abathi ingaholela ekutheni kuqedwe ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, njengoba kumandla ukugxekwa kukaMugabe kanye neqembu elibusayo. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...