Kudutshulwe uFata ngemuva kwemisa

2018-04-09 10:59

Goma – Umfundisi wamaRoma aKhatholika utholakale edutshuliwe ngemuva kwemisa esifundazweni iNorth Kivu, eDemocratic Republic of Congo, kusho ilungu lebandla litshela i-AFP.

"UFata Etienne Sengiyumva ubulawe ngeSonto abeMai Mai Nyatura, eKyahemba, lapho ebesanda kubamba khona imisa lombhabhadiso nelomshado,” kusho uFata Gonzague Nzabanita, oyinhloko yeGoma Diocese etshela i-AFP.

AbeMai Mai Nyatura bayinhlangano yamaphekulazikhuni emandla eNorth Kivu, empumalanga ye-DRC.

UNzabanita uthe uSengiyumva, 38, ubekade enesidlo sasemini nabazalwane ngaphambi kokuba “atholakale edutshulwe ekhanda”.

Izifundazwe iNorth neSouth Kivu zihlaselwe wudlame lwamaqembu ezidlamlilo ezibanga ezimbiwa phansi.

Ngesonto eledlule, abasolwa bathumba umphriste wamaRoma aKhatholika eNorth Kivu, bafuna isamba sika-$500 000 ukuze bamdedele.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...