Kudlule abantu abangu-33 nezikhukhula eCongo

2018-01-06 09:10

Johannesburg - Isibalo sabantu abadlule nezikhukhula eKinshasa namaphethelo eDemocratic Republic of Congo singase sibe ngaphezu kwesibikiwe esingu-33.

Lesi sibalo singezidumbu ezifike emakhazeni, lokhu kungokusho kwaDominique Weloli, onguNgqongqoshe wezeMpilo wesifundazwe.

OLUNYE UDABA:Izikhukhula zidale umonakalo eLimpopo naseKZN

Abazibonele isigameko bathe kulesi sibalo kubalwa nezingane ezinhlanu zomndeni owodwa ominze maphakathi nobusuku ngoLwesithathu emzini wawo.

Kubikwe ukuthi kunenqwaba yemizi esambozwe ngamanzi ngoLwesine kulandela izimvula ezinamandla.

 - African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...