Kucekelwe phansi ekasomabhizinisi ngezinsolo zokuthakatha izingane zendawo

2017-03-30 12:32

Lilongwe – Amaphoyisa aseMalawi kubikwa ukuthi asebenzise i-teargas ukuhlakaza inqwaba yabazali abasola usomabhizinisi ngokuthakatha izingane zabo.

Ngokusho kwephephandaba iNyasa Times, abazali abebedinwe begane unwabu kwisiFunda saseKasungu basola usomabhizinisi, igama lakhe eligodliwe, ngokuqalekisa izingane zabo ngesifo esingaziwa.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umfundisi ngokudlwengula umzalwane, 8

Abazali kusolwa ukuthi bacekela phansi indawo yalo somabhizinisi ngoMsumbuluko ntamabama.

Amaphoyisa kudingeke ukuba amaphoyisa alusukumele ngokushesha udaba.

Okhulumela amaphoyisa u-Edna Mzingwitsa uthe iqulu lihlasele usomabhizinisi ngemuva kokuba izingane zalo ziqale ukubona izintio ezingekho.

Izingane zaziziphathisa okwabantu abagula ngokomqondo.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...