Kubulawe umfana, 15, kubangwa intombi

2017-08-24 07:00

Bulawayo - Ubhekene necala lokubulala umfana, 17, waseMatobo ngemuva kwezinsolo zokugwaza abulale omunye umfana wasendaweni kubangwa intombi.

UMzingaye Ncube, 15, ushonele esibhedlela iMpilo Central eBulawayo ngomhlaka-11 Agasti ngemuva kwezinsolo zokugwazwa omunye umfana, igama lakhe eligodliwe.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owabulala amadoda amabili kubangwa intombi

UNcube ungcwatshwe ngoLwesihlanu olwedlule eSilozwana village, eMatobo.

Okhulumela amaphoyisa aseMatabeleland, u-Inspector Philisani Ndebele uqinisekise ukuthi lo mfana ofunda esikoleni iSilozwe Secondary uvulelwe icala.

Icala liyaphenywa.

Izinsolo zithi umufi wabonakala ehamba nentombi yomsolwa efunda khona eSilozwe Secondary, wahlanganyela umsolwa kanye nabangani bakhe kubangwa lolu daba.

Kusolwa ukuthi ngosuku olulandelayo uNcube waya kubo kamsolwa eyoxolisa ngesnezo sakhe.

Kuthiwa umsolwa wabe esebona ithuba lokumgwaza uNcube, wamgwaza ekhanda eziphindiselela kulandela ukushaywa ngayizolo.

UNcube waphuthunyiswa esibhedlea, ngemuva kwesikhashana washona.

Amaphoyisa adedela umsolwa ezxandleni zabazali bakhe njengoba kuqhubeka uphenyo.

Umsolwa ulindeleke ukuba avele maduze enkantolo ngecala lokubulala.



 - Bulawayo24

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...