Kubulawe owesilisa kubangwa intombi

2017-02-02 18:01

Bulawayo - Indoda eneminyaka engu-39 ubudala yaseTsholotsho kubikwa ukuthi igwazwe yabulawa enye indoda ngezinsolo zokuyithathela intombi.

UTapiwe Dube, 25, usolwa ngokugwaza uMduduzi Gumbo waseSipepa amanxeba amabili ngommese ngemuva kokumsola ngokumthathela intombi.

Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-20:00 ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA:Kuhlaselwe uthisha esikoleni kubangwa eyamakhosikazi

UGumbo ushone ngesikhathi engena ngomnyango wasesibhedlela saseSipepa ngobusuku obubodwa okwaboshwa ngabo uDube.

Okhulumela amaphoyisa uChief Superintendent Paul Nyathi uqinisekise isigameko sokubulala.

"Kuzwakale ukuthi ngomhlaka-30 Januwari ngezithuba zabo-20:00, indoda, 39, yayihamba ngaseSipepa kuLupane Road iphuma enxanxatheleni yezitolo ihamba nentombi yayo.

"Umsolwa naye owayesezitolo, walandela lezi zithandani waze wazithola wabe esesola umufi ngokumthathela intombi kwase kuqubuka ingxabano.

"Umsolwa wahosha ummese ephaketheni wagwaza umufi kabili ngaphambi kokunyamalala endaweni yeisgameko, wangena ehlathini," kusho uNyathi.

Uthe umsolwa usesitokisini kanti uzovela enkatolo maduze.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...