Kubulawe 11, kweqa iziboshwa ezingaphezu kuka-900 ejele

2017-06-12 11:00

Goma – Kubulawe abantu abangu-11 kweqa iziboshwa ezingaphezu kwezingu-900 ngeSonto ngemuva kokuba abasolwa abangaziwa behlasele ejele lase-DRC, kusho izikhulu.

"Ijele iKangwayi eliseBeni lihlaselwe ngo-15:30 ntambama ngabasolwa abangakaziwa," kusho uJulien Paluku, onguNdunankulu esifundazweni iNorth Kivu, etshela izintatheli.

"Ekudubulaneni okubephakathi kwezigebengu nabezokuphepha, iziphathimandla zithole ukuthi bangu-11 abashonile okubalwa kubona nabangu-8 bezokuphepha,” kusho uPaluku, oqhube wathi: "Okwamanje, kusele iziboshwa ezingu-30 ejele, kwezingu-966 ebeziboshiwe."

OLUNYE UDABA: Uvele wahayiza unogada egwetshwa enkantolo

UPaluku uthe akuvunyelwe kuphume muntu endaweni yaseBeni neyaseButembo okwamanje.

 “Amaphoyisa kuphela avumeleke ukuphuma kulezi zindawo okwamanje,” esho.

Indawo yaseBeni - kusukela ngo-2014 – isiyaphenduka inkundla yodlame oseludlule nemiphefumulo yezakhamuzi ezingafinyelela ku-700.

Kusolwa kakhulu amavukelambuso e-Allied Democratic Forces (ADF) ngokubulawa kwabantu.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...