Kuboshwe umyeni ngokushona kukankosikazi

2017-10-24 16:01

Nairobi - Isikhulu samaphoyisa eKenya siveze ukuthi umyeni kathisha odabuka e-Australia ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela kulandela ukuthi ehlonzwe njengomsolwa kulesi sigameko esenzeke ngesonto eledlule.

Lowo oyinhloko yamaphoyisa endaweni uCunningham Suiyanka ngoLwesibili ukuqinisekisile ukuboshwa kukaCyrus Bernard Maina Njuguna, nomzala wakhe uJohn Njuguna Waithira.

USuiyanka uthe uMaina ungumsolwa ohamba phambili esigamekweni sokubulawa kukankosikazi wakhe abengasahlali naye, uGabrielle.

USuiyanka uqhube ngokuthi uGabrielle uke wakhononda ngokuthola izinsongo ezivela kumyeni wakhe emsabisa ngokumbulala waze wathola incwadi yesivimbezelo njengoba lezi zithandani bezehlukanisa.

Ukushona kukaGabrielle kwaqale kwabikwa njengesigameko sokuphanga kepha ukuhlolwa kwesidumbu kuveze ukuthi kungenzeka ukuthi wadutshulwa eguqile.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umyeni ngetulo lokudivosa unkosikazi ebambisene nomakhwapheni

Amaphoyisa athi uGabrielle wabulawa esendleleni egodukayo eKaren, okungenye yezindawo ezihlala umntakabani nedume ngezigameko zokubulawa kwabantu kwenziwa yizithandwa zabo.

Kwesinye isigameko esenzeka eNingizimu Afrika ngonyaka owedlule, kwaboshwa owesilisa oneminyaka engu-42 ubudala ngezinsolo zokugwaza abulale umkakhe eQwaQwa, eFree State

Isidumbu sikaDitlare Moeti, 33, satholakala egcekeni sinamanxeba okugwazwa. Umyeni wakhe watshela amaphoyisa ukuthi wabuya kwakhe iminyango igengelezile umkakhe esebulewe.

Nokho amaphoyisa aqhuba uphenyo olwakhomba umyeni njengomsolwa.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...