Kuboshwe umfundisi ngokudlwengula umzalwane, 8

2017-03-29 14:00

Bulawayo – Inceku ezigcobile kubikwa ukuthi igwetshwe iminyaka engu-15 ibhadle ejele ngemuva kokutholwa inecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-8 ubudala engumzalwane eBulawayo, eZimbabwe.

Ngokwephephandaba iChronicle, uClayton Nkala, 26, uliphikile icala kodwa ubufakazi obuqanda ikhanda obuvezwe enkantolo yibo obuholele ekutheni agwetshwe.

Imantshi igwebe uNkala iminyaka engu-15 esejele kodwa yamlengisela eminhlanu ngaphansi kombandela wokuziphatha kahle.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe inceku yeNkosi izibiza ngenkomo ehlathini

Inkantolo ilalele ukuthi uNkala wavimbezela intombazane ngo-Ephreli ngo-2015 ngesikhathi icosha amathini eduzane nalapho okulahlwa khona udoti nodadewabo omncane wamhudulela ehlathini wamdlwengula.

Umama wengane wabona ukuthi kukhona okungahambi kahle kulandela ukubona amachaphazelo egazi ephentini le ngane yakhe ngesikhathi ewasha impahla yokugqoka ngosuku olulandelayo.

Lo mama wamfuna waze wamthola uNkala, elinye ilungu lasesontweni lathi udaba alubikelwe amaphoyisa, abe sezimkhalela kanjalo umsolwa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...