Kuboshwe umfundisi ngokudayisa izingane ezingu-68

2016-12-20 14:30

Lagos -  Kushoshwe umfundisi webandla iDivineyard Deliverance Ministry, uPeace Udoh, ngokudayisa izingane ebandleni lakhe.

Le ndoda eneminyaka engu-47 ubudala ngokusho kwePunch kuthiwa ibisidayise izingane ezingu-64 ngaphambi kokuba iboshwe ngamaphoyisa.

Kuthiwa izingane zazalelwa khona esontweni lakhe elise-Iyana Iyesi, e-Ota, esifundeni sase-Ogun.

OLUNYE UDABA:Umfundisi ukhwife "isiwasho" kwasha amakholwa

Uboshwe nababili okubikwa ukuthi babemsiza ekuzaliseni omama bezingane endlini yesonto, kubika i-New Telegraph.

Kuthiwa lo mfundisi bekuthi uma izingane zihlanganisa unyaka azidlulisele kunesi, naye oboshiwe, ukuze ezozihlenga.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...