Kuboshwe umfundi 'ngokunquma unina'

2017-12-04 14:00

Lagos - Isikhulu samaphoyisa e-Osun, eNigeria, ngoMsombuluko sithe kuboshwe uJoseph Mark, 25, ofunda e-Adekunle Ajasin University, e-Ondo, ngecala lokunquma unina ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa, u-DSP Folashade Odoro, utshele abezindaba e-Osogbo ukuthi isigameko senzeke ngabo-06:30 ekuseni, emzini oku-Ajetomobi Street, e-Ikirun, e-Osun.

Ngokusho kuka-Odoro, uyise wesisulu, u-Adewale Mark, nguyena obikele amaphoyisa ase-Ikirun ngesigameko.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane obonakale kwi-video eqabulana nomunye

Uphinde watshela amaphoyisa ukuthi yena uphume wahamba endlini ngabo-05:30 ekuseni eyovakashela umngani wakhe, nokuthe uma esebuya ekhaya ngabo-06:00, wathola ukuthi indodana yakhe isinqume unkosikazi.

U-Odoro uthe umsolwa, okusolwa ukuthi akaphilile kahle ekhanda, ube eseboshwa ngamaphoyisa.

Umsolwa kuthiwa uzohlolwa ingqondo kanti amaphoyisa aphinde athatha nesikhali esisetshenziswe kulesi sigameko.

 - Vanguard

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...