Kuboshwe owesifazane ozame ukushayisa amaphoyisa ngemoto

2017-11-09 12:33

Tunis - Iziphathimandla zaseTunisia zithi zibophe owesifazane ngemuva kwezinsolo zokuzama ukushayisa ngemoto amaphoyisa abeme phambi kwebhilidi likahulumeni.

Ihhovisi lobungqongqoshe lithe ngoLwesithathu kulimale amaphoyisa amathathu ngesikhathi ewelwa yizinsimbi ezigudle ungqengqema lomgwaqo ezishayiswe yilo wesifazane ngemoto zabe seziyawa.

OLUNYE UDABA:Ushayasibhamu ubulale 26 esontweni eTexas

Ihhovisi lithi umshayeli wemoto uzame ukubaleka endaweni yesigameko kodwa waboshwa ngokushesha. Iziphathimandla ziyaphenya ulandela lesi sehlakalo.

Ngesonto eledlule kwagwazwa iphoyisa emqaleni lashona esigamekweni okusolwa kuso amaphekula eduzane nekomkhulu lePhalamende eTunisia.

Kulesi sigameko kwalimala nelinye iphoyisa ngesikhathi kuhlaselwa umufi.

Amaphekula aseke ahlasela amasosha namaphoyisa kwezinye izifunda eTunisia, kodwa akujwayelekile ukuthi ahlasele amaphoyisa edolobheni lonkana.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...