Kuboshwe owesifazane oweqa ejele ebalekela ukulengiswa

2017-05-31 11:00

Abuja – Iziphathimandla zamajele eNigeria seziphinde zabopha isiboshwa sowesifazane eseqa eminyakeni emihlanu eyedlule sibalekela isigwebo sentambo.

Isiboshwa esalahlwa yicala, uRabi Ismail, seqa ejele laseHadejia enyakatho-mpumalanga yesiFunda iKano ngoDisemba 2011.

INkantolo eNkulu eKano yamnika isigwebo sentambo u-Ismail, yayalela ukuba alengiswe ngecala lokubulala ngo-2005.

OLUNYE UDABA:  Ugqeme omunye ngembazo emsola ngokujola nomkakhe

Waqale wagcinwa eKaduna Central Prison wasuswa lapho wayiswa eHadejia ngaphambi kokuba eqe.

Okhulumela amajele uFrancis Enobore ucele amalungu omphakathi ukuba aqhubeke nokuhlinzeka abezokuphepha ngemininingwane yalabo abeqe emajele nangamanye amacala enzakalayo.

Uqinisekise ngelokuthi ezokuphepha seziqinisiwe ngenhloso yokugwema ukweqa.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...