Kuboshwe owesifazane obonakale kwi-video eqabulana nomunye

2017-12-04 11:00

Dodoma - Amaphoyisa aseTanzania abophe owesifazane oyedwa kwababili ababonakale kwi-video ebizungeza ezinkundleni zokuxhumana, beqabulana.

U-Ahmed Msangi, oyinhloko yamaphoyisa aseMwanza, uthe iziphathimandla zibophe lo wesifazane esifundeni esisenyakatho-ntshonalanga iGeita kanti kumanje kuthungathwa lo omunye wesifazane ovela kule video kanye nabanye abasemaceleni.

Uthe "akusensuku zatshwala" ngaphambi kokuba amaphoyisa abophe laba abanye abasolwa, wanezela ngokuthi inhloso yabo ukuqeda nya ngabantu abayingxenye yokweseka nokugqugquzela ubutabane.

OLUNYE UDABA: Badedelwe ngebheyili abakuleli ababoshwe eTanzania 'ngokugqugquzela ubutabane'

Uqhube ngokuthi benza lokhu ngoba befuna ukunqanda lesi sihlava singadluleli ezizukulwaneni ezilandelayo.

Leli lizwe elisempumalanga ye-Afrika liphume umkhankaso libopha bonke abantu abatholakala bezibandakanya ezenzweni zokuthandana nobulili obufanayo.

Uhulumeni usuphinde wasabisa ngokuvala zonke izinhlangano ezingenzi nzuzo ezeseka abaphila le mpilo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Okthoba nonyaka, abantu baseNingizimu Afrika ababili babayingxenye yamadoda angu-12 aboshwa eTanzania ngoba esolwa ngokuthandana nabobulili obufanayo.

Abatholakala bezibandakanya ocansini oluphakathi kwamadoda amabili bangase babhadle ejele iminyaka engu-30 kuya kudilikajele uma belahlwa yicala, nokho asikho isigwebo esibhekiswe ezitabaneni zesifazane.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...