Kuboshwe owesifazane ngokuthengela isisebenzi sakhe abadlwenguli

2018-01-15 12:30

Harare - Owesifazane waseHarare, eBorrowdale uboshiwe ngemuva kokuqasha abesilisa ababili ukuba badlwengule intombazane,15, esebenza emzini wakhe.

UMildred Mutasa uvele phambi kwenkantolo ngoLwesitahthu olwedlule mayelana namacala okudlwengula nelokuthengela intombazane abantu abazoyidlwengula.

Akabuzwanga ukuthi uyalivuma na icala, kanti icala lihlehliselwe umhlaka 31 Januwari ngemuva kokudedelwa ngebheyilika-$100.

Inkantolo itshelwe ukuthi isisulu besekuphele isikhathi eside sithule ngalolu daba, saze sakhuluma ngalo ngesikhathi sesikubo eChecheche, ngamaholi kaKhisimusi.

OLUNYE UDABA: Igqunywe esitokisini indoda esolwa ngokubhaxabula unina

Kuthiwa uMutasa wathenga abesilisa ababili, uTicha noDenzel, ukuba badlwengule le ntombazane bangasebenzisi ngisho ikhondomu.

Kuthiwa ngesikhathi abesilisa bezama ukuyidlwengula intombazane yanqaba, kodwa uMutasa wayiphoqa ukuba ivume.

UMutasa wayiyalela ukuba yenze abakushoyo ngesikhathi idlwengulwa, wayesabisa nangokuthi uzoyenza okuthize uma ingafuni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...