Kuboshwe owakuleli ngokuhamba ngasemzini kaMugabe - Umbiko

2017-05-10 12:30

Harare – Owesilisa waseNingizimu Afrika kubikwa ukuthi uboshelwe emzini woMbuso okuhlala kuwona uMangemeli Robert Mugabe eHarare ngempelasonto ngecala lokutholakala endaweni angafanele ukuba kuyona.

Imibiko yangoLwesithathu ithi u-Adriaan Philip Olivier, 30, wayengumzingeli eSave Safaris eseDevure Range eBikita.

Uboshwe ehamba ngemoto yohlobo lweToyota Land Cruiser kuBorrowdale road ngezithuba zabo-03:00 ekuseni ngeSonto.

U-Olivier utholakale nezinhlamvu ezinhlanu zesibhamu.

Ngokombiko weNews Day, u-Olivier uvele eNkantolo yeMantshi ngoLwesibili wagwetshwa izinyanga ezimbili ebhadla ejele noma ahlawule ngo-$150 ngokungena emzini ngokuba sendaweni kaMengameli ngaphandle kwemvume.

OLUNYE UDABA: Obeboshiwe ucishe washona efica umkakhe esekhulelwe

Icala limhlale ngemuva kokuba elivumile, kodwa ukhale ngokuthi ungene kule ndawo ngoba edukile.

U-Olivier uthe ubengayazi imithetho yakuleya ndawo, ngokombiko wephephandaba iHerald.

Umgwaqo abehamba kuwona uvumeleke kuphela ukuhamba izimoto phakathi kuka-06:00 no-18:00 nsuku zonke ngezizathu zezokuphepha.

Ehlisa isigwebo uMantshi uLazini Ncube uthe u-Olivier uyaqala ukwenza icala, futhi ulivumile, akazange achithe isikhathi senkantolo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...