Kuboshwe ocishe wabulala ngembazo abephuza naye

2017-04-26 11:01

Bulawayo – Owesilisa waseZimbabwe oneminyaka engu-24 ubudala uboshiwe ngecala lokuzama ukubulala ngemuva kwemibiko ethi uthathe imbazo kowesilisa abelwa naye, wamshaya ekhanda.

Ngokombiko wephephandaba iChronicle, uBhekithemba Mpofu ubanjwe yizakhamuzi zamnikela emaphoyiseni ngemuva kokushaya isisulu, okuthiwa ngu-Aleck, ngembazo ekhanda.

U-Aleck ulwela impilo yakhe egunjini labagula kakhulu e-United Bulawayo Hospital.

Isigameko senzeke ekuseni ngoLwesithathu olwedlule.

Okhulumela amaphoyisa usiqinisekisile isigameko, waphinde wathi umsolwa uboshiwe kanti uzobhekana necala lokuzazama ukubulala.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe yicala owesifazane oshaye umyeni ngesitini

Umakhelwane, okuthiwa nguJohn Moyo, uthe laba besilisa bebephuza utshwala ndawonye eClaremont Business Centre.

Uthe bebengebona abangani abakhulu, kodwa bebevame ukuphuza ndawonye.

Kuthiwa ngesikhathi belwa balanyulwe yizakhamuzi, ngaphambi kokuba omunye nomunye ayekubo.

Ngokusho kukaMoyo, ngokuhamba kwesikhathi, isisulu siye endlini yomsolwa sangena khona ngenkani, sayothatha imbazo ekamelweni likamsolwa.

UMoyo uthe kube nokuhilizisana ekamelweni likamsolwa, u-Aleck ezama ukushaya uBhekithemba ngembazo izikhawu eziningi, ngaphambi kokuba uBhekithemba amphuce imbazo amshaye ngayo ekhanda.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...