Kuboshwe obulale umyeni wakhe ngeqhoks
2017-03-15 19:29
Lusaka - Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-32 ubudala waseZambia ngezinsolo zokubulala umyeni wakhe ngeqhoks.
Ngokusho kweLusaka Times, u-Olivia Kalangwe, 34, ushone ngemuva kwesonto elilodwa umkakhe emshaye ngeqhoks elicijile.
Amaphoyisa aqinisekise isigameko athi, u-Olivia Kalangwe, 34, ushone ngemuva kokushaywa wunkosikazi wakhe ngeqhoks.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele obulale umyeni ngelokuqonywa
UKalangwe washaywa wunkosikazi ngomhlaka-26 Febhuwari. Udaba walubikela amaphoyisa wanikezwa nefomu okwakufanele igcwaliswe kadokotela kodwa angazange ayibuyise.
Isimo sakhe saqala ukuba bucayi ngomhlaka-1 Mashi waphoqeleka ukuba aye esibhedlela esiseKapiri.
Ngeshwa kwamenela ngomhlaka-9Mahsi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- News 24