Kuboshwe izinsizwa ezingu-53 ebezihambele umshado wezitabane

2017-04-20 14:01

Maiduguri - Amaphoyisa aseNigeria athi asebophe izinsizwa ezingu-53 ebezigubha umshado wezitabane ngecala "lokuba yingxenye yeqembu lomphakathi elingekho semthethweni".

Umshushisi uMannir Nasir utshele inkantolo ngoLwesithathu ukuthi lezi zinsizwa ziboshwe ngoMgqibelo enyakatho yedolobha iZaria ngesikhathi zihambele umcimbi obuhlelwe ngamadoda amabili abeshada ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: Zigwetshiwe ‘izitabane ezabanjwa zizitika ngocansi’

Njengoba umthetho waseNigeria ungayifuni imishado yezitabane, ezinye izithandani ziyashada yize kunjalo.

Lezi zinsizwa ezingu-53 ziwaphikile amacala ezithweswe wona okubalwa kuwo ukwakha uzungu nokuhlanganyela emicimbini engekho emthethweni.

Zonke lezi zinsizwa zidedelwe ngebheyili kanti zizophinde zivele enkantolo ngomhlaka-8 Meyi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...