Kuboshwe izingane ngokubulala uyise ngoba ethathe isithembu

2018-01-21 13:11

Kampala - Izingane ezine esezikhulile zibulale uyise ngoba ethathe unkosikazi wesibili.

Unina wezingane kuthiwa wamxwayisa ubaba wazo ngokuthatha unkosikazi wesibili.

Kodwa u-Andrew Satya, 50, akalalelanga. Kwaphetha ngokuba afe.

Ngokombiko weDaily Monitor, u-Andrew ushone ngoLwesihlanu endaweni ahlala kuyona eKapchorwa District, empumalanga ye-Uganda.

OLUNYE UDABA: Izingane ezintathu zishe zangqongqa nendlu

Amaphoyisa athi izingane ezine esezikhulike kanye nonina, bahlanganyela owesilisa bamgwaza bambulala.

Okhulumela amaphoyisa, uRogers Taitika, ucashunywe ethi: “Sibabophele ukubulala uyise futhi sesiqale :

“Uphenyo lwethu lwakamuva luveza ukuthi babulale umufi ngokuba.ethathe unkosikzi wesibili”

Abasolwa abahlanu kumanje bagcinwe esitkisini kanti bazovela madane enkantolo ngecala lokubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...