Kuboshwe intatheli ngodaba oluthi umka Mugabe wanikela ngamaphenti amadala

2017-10-03 16:00

Harare - Kuboshwe intatheli yaseMutare ngombiko wayo othi unkosikazi kaMengameli, uGrace Mugabe, wanikela ngamaphenti asesebenzile, enikelela amalungu eZanu-PF.

Ngokombiko weNewZimbabwe.com, amaphoyisa abophe intatheli yeNewsday, uKenneth Nyangani, ngoMsombuluko kanti lezi zindaba ziqinisekiswe ngabeZimbabwe Lawyers for Human Rights (ZLHR).

Ukuboshwa kwakhe kulandela umbiko wangempelasonto othi ilungu leZanu-PF ePhalamende lanikeza abantu izingubo ezindala ezihlanganisa amaphenti kanye nama-night dress.

OLUNYE UDABA: Indida ngomama ozokhele ngomlilo kade ehambise izingane  esikoleni

Kuthiwa zonke lezi zinto lalizinikezwe ngunkosikazi kaMengameli uRobert Mugabe ukuba kunikezwe abantu.

Okhulumela i-ZLHR, uKumbirai Mafunda, uthe abameli bamalungelo abantu sebejube abezomthetho abazosiza uNyangani.

Khonamanjlo, udokotela wase-Emory University e-Atlanta, eMelika, uDkt Fortune Nyamande, utshele iNews24 ukuthi ukugqoka amaphenti asesebenzile omunye umuntu kungabanomthelelo wezempilo ongemuhle.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-27°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-20°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...