Kuboshwe inesi ngokwebiwa kosana oluzalwe ngaphambi kwesikhathi

2017-02-13 19:31

Kampala – Inesi lase-Uganda kanye nalowo ebelisebenzisana naye baboshiwe ngecala lokwebiwa kosana obelunezinsuku ezinhlanu luzelwe, noluzalwe ngaphambi kwesikhathi esifanele, ngokusho kombiko.

Ngokombiko weDaily Monitor, laba ababili baboshwe ngezinsolo zokweba usana eJinja Regional Referral Hospital ngoLwesithathu ebusuku, ngeledlule.

Usana beluthola ukwelashwa kulesi sibhedlela eselapha abantu abadluliselwe kusona ngezinye izibhedlela ngoba bedinga ukunakekelwa okusezingeni eliphezulu.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owadlwengula ingane eyibophele esihlahleni

Amaphoyisa akuqinisekisike ukuboshwa kwabasolwa, aphinde athi abasolwa ababili basagcinwe esitokisini.

Inesi kuthiwa linguRose Sului kanti omunye umsolwa yena unguHarriet Jalya.

Khonamanjalo, umama wosana, uZaina Magomu waseMpumudde, uthe usashaqekile namanje.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...