Kuboshwe ibhungu kutholakala isidumbu somfana kwi-freezer

2017-11-21 18:01

Benghazi – Amaphoyisa aseLibya abophe umfana wakamakhelwane oneminyaka engu-17 ubudala kulandela ukutholakala kwesidumbu somunye umfana kwi-freezer esendlini yakhe eBenghazi, e-Al Aslam, kubika i-Libya Herald.

Ngokwemithombo yezokuphepha, u-Abdul Raouf Ojali,9, wathunjwa ngesonto eledlule engakubo, kwafuneka imali engu-LD2 million (elinganiselwa ku-R20 million) kubazali bakhe ukuze ezodedelwa.

Kodwa uyise womfana, u-Ali Ojali, obesanda kuqokelwa esikhundleni sokuhola iBenghazi Rebuilding Committee, wathi akanayo imali engako.

OLUNYE UDABA: 'UMugabe kumele alalele abantu, ehle sikhundleni'

Ngokombiko wezempilo, umfana ushone ngoLwesihlanu kanti isidumbu sakhe sifakwe kwi-freezer ngemuva kokubulawa yindlala.

Izinga lokuthunjwa kwabantu liyakhula kuleliya lizwe elibhekene nezinxushunxushu.

Izibalo zakamuva bezingakatholakali, kodwa ngo-2015 iLibyan Red Crescent Society yabika ukuthi bangaphezu kuka-600 abantu abanyamalala phakathi kukaFebhuwari 2014 no-Ephreli 2015.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...