Kuboshwe amasosha ngelokuzama ukubulala umhleli wephephandaba

2017-12-05 19:27

Maseru – Kuboshwe amasosha amahlanu eLesotho ngecala lokuzama ukubulala umhleli wephephandaba ngo-2016.

Iphephandaba ayelisebenzela lalibonakala njengeligxeka kakhulu umkhuzi wamasosha ngaleso sikhathi.

Abasolwa abahlanu bathweswe icala ngeledlule kanti kulindeleke bavele enkantolo ngoDisemba 13 ngokuhlasela umhleli wephephandaba iLesotho Times, uLloyd Mutungamiri.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane obonakale kwi-video eqabulana nomunye

Leli cala likhombisa imizamo kahulumeni oholwa nguNdunankulu Thomas Thabane yokuphenya ngamacala ashiywa engaphothuliwe kuleliya lizwe elike labhekana kakhulu nezinkinga zezombusazwe.

UTlali Kamoli, owayengumkhuzi wamasosha ngesikhathi kudutshulwa uMutungamiri, ubhekene namanye amacala ahlanganisa nelokubulala iphoyisa ngesikhathi kunemizamo yokuketula uMbuso ngo-2014.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...