Kuboshwe abantu abangu-20 abasolwa ngobutabane

2017-09-17 11:02

Nairobi – Kuboshwe abantu abangu-20 eZanzibar, eTanzania, kusho isikhulu samaphoyisa ngoMgqibelo, esigamekweni sakamuva samaphoyisa ahume umkhankaso wokulwa nobutabane.

"Laba basolwa ngokubandakanyeka ekuphileni impilo yobutabane. Baboshiwe kanti kumanje bahlonywa ngemibuzo. Amaphoyisa awakwazi ukuziba lo mkhuba,” kusho umkhuzi wamaphoyisa kulesiya sifunda uHassan Ali Nasri.

Uthe laba besifazane abangu-12 kanye namadoda angu-8 baboshwe ehhotela lapho bebefundiswa khona nge-HIV/Aids yinhlangano engenzi nzuzo.

OLUNYE UDABA: Iziphathimandla zivale opopayi ‘abatusa ubutabane’ kuDStv

NgoFebhuwari, iTanzania yamemezela ukuthi iyazivala zonke izikhungo zezempilo ezizimele ekutheni zihlinzeke abantu ngezinzisa ezihlobene ne-HIV/Aids, njengoba uNgqongqoshe wezeMpilo u-Ummy Mwalimu athi zigqugquzela ubutabane.

Abatholakala bezibandakanya ocansini oluphakathi kwamadoda amabili bangase babhadle ejele iminyaka engu-30 kuya kudilikajele, nokho asikho isigwebo esibhekiswe ezitabaneni zesifazane.

NgoLwesihlanu, iSekela likaNgqongqoshe wezeMpilo uHamisi Kingwangalla ufunge wagomela ePhalamende ngokuthi bazobhekana ngqo nezinhlangano ezigqugquzela ubutabane kuleliya lizwe.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...