Kuboshwe abane ngokuphazamisa inkulumo kaGrace Mugabe eralini

2017-11-10 14:00

Harare - Kuboshwe abantu abane ngezinsolo zokuphazamisa inkulumo kankosikazi kaMengameli Robert Mugabe eZimbabwe, uGrace Mugabe, eralini ebingoMgqibelo odlule.

La bantu basolwa ngokuba yingxenye yequlu labantu elaphazamisa inkulumo kaGrace, kwaBulawayo, ngoMgqibelo.

Abasolwa, okungamadoda amathathu nowesifazane oyedwa, basolwa ngokusho iziqubulo ezithi "Asikufuni nalokhu okwenzayo", abanye beshaya ihlombe kanti abanye bememeza bebanga umsindo ngesikhathi kuqhubeka inkulumo.

OLUNYE UDABA:UMengameli usongele ngokufa oxoshwe eqenjini elibusayo - Umbiko

Iphephandaba iHerald libike ukuthi abasolwa bathweswe icala lokudelela unkosikazi kaMengameli Mugabe.

Imantshi yakwaBulawayo ngoLwesihlanu kulindeleke ukuba ikhiphe isinqumo sokuba abasolwa badedelwe noma bagcinwe ejele.

UMugabe usole lowo obeyiPhini likaMengameli u-Emmerson Mnangagwa ngalokhu kuphazamisa okwenzeke eralini.

UMnangagwa ube esexoshwa eqenjini elibusayo kulandela ukwenzeka kwalesi sigameko.

 - EWN


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...