Kuboshwe abalandeli bebhola ngenxa yokungaziphathi kahle enkundleni

2018-03-13 11:01

Cairo - Uhulumeni waseGibhithe ubophe abantu abayisishiyagalombili ngemuva kokuthi abalandeli bebhola likanobhutshuzwayo behlusule izihlalo bahaya amaculo amelene nohulumeni ngesikhathi kuqhubeka umdlalo ngasekuqaleni kwale nyanga.

Lo mbhikisho, owagcina uhlakazwe ngamaphoyisa, wenzeka ngesikhathi kudlala i-Al Ahly yaseGibhithe kanye ne-CF Mounana yaseGabon, eCairo, ngomhlaka-6 Mashi.

Ayibanga khona imibiko yabantu abalimala kabi kulesi sigameko iziphathimandla ezasichaza njengodlambedlu.

Abashushisi ngoMsombuluko baveze ukuthi abasolwa bangabalandeli bokuqina bebhola lezinyawo abazibiza ngama-Ultras.

OLUNYE UDABA: Kulimale 14 wabantu kulwa abalandeli bebhola

Laba babhekene namacala okujoyina inhlangano engekho emthethweni, ukucekela phansi impahla kahulumeni nokusabisa umphakathi.

Ama-Ultras ajwayele ukuhilizisana namaphoyisa eGibhithe, kanti amalungu ale nhlangano amaningi ayeyingxenye yokuvukelwa koMbuso ngo-2011 lapho okwaketulwa khona uMengameli Hosni Mubarak.

Ngo-2012, abantu abangu-74, iningi labo ababengabalandeli be-Al-Ahly, babulawa ngesikhathi kusuka isidumo phakathi kwabalandeli bebhola.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...