Kuboshwe abafundi abakhulelwe ukuze bakhiphe labo ababakhulelisile

2018-01-24 10:59

Dar Es Salaam - Izikhulu zaseTanzania ziveze ukuthi amantombazane amahlanu asafunda isikole akhalelwe ngamasango kaSigonyela ngenhloso yokuthi asize kuboshwe abesilisa awakhulelisile.

UKhomishana waseTandahimba uSebastian Waryuba ukhulume ngoMsombuluko wathi lezi zingane zesikole ziboshwe ngesonto eledlule.

Uthi amaphoyisa azimisele ngokuphonsa imibuzo amanye amantombazane amabili.

Leli lizwe elisempumalanga ye-Afrika lakwenza kwaba yicala ukukhulelisa izingane ezisafunda isikole kanti abalahlwa yicala bangase bahlale ejele iminyaka engafinyelela kwengu-30.

OLUNYE UDABA: Usindile okhulelwe olimale engozini yesitimela eKroonstad

Lo mthetho wenzelwa ukuthi kwehliswe isibalo sezingane ezishada noma ezikhulelwa zisencane ngoba lokho kukhuphula izinga lezingane ezingasiqedi isikole.

Nokho izinhlangano ezilwela amalungelo abantu sezizigxekile iziphathimandla ngokusebenzisa imigomo yalolu hlobo njengoba ingabavumeli ukuba babuyele esikoleni labo abakhulelwa besafunda.

IHuman Rights Watch ithi izingane eziningi zinukubezwa ngokocansi ngothisha ezikoleni ngenxa yokuntuleka kwezinsiza zokuvikela abafundi.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...