Kuboshwe ababengamaphoyisa akuleli eGhana

2016-03-25 08:59

Ghana – Amadoda amathathu aseNingizimu Afrika athole ibheyili ngemuva kokuboshwa iGhanaian Bureau of National Investigation (BNI) ngokuqeqesha iqoqo labantu abangamaphekula, kubika iTimeslive.

Ngokwemibiko, uMajor Ahmed Shaik Hazis, 54, uWarrant Officer Denver Dwayhe Naidu,39, kanye nokaputeni uMlungiseleli Jokani, 45, baboshwe ngomhlaka-Mashi 20 ehhotela i-El Capitano e-Agona Duakwa, eGhana.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa aboshelwe elokubanjwa kwenkunzi

Laba balisa baboshelwe ukuqeqesha ithimba labonogada abakhethekile abazogada uNana Akufo-Addo. oyilunga le-New Patriotic Party (NPP) elizoqokelwa isikhundla sikamengameli wezwe.

"Umqulu oqukethe imininingwano yabo bone abasebenzi be-Super Lock Technologies (STL), abakudala nabamanje kanti futhi ubuye waveza amalunga akhethekile aqeqeshelwe ukubona amandla awo kanye nokuzwela ngenhloso yokuwalolela ukwenza izinto ezizovuna amaqembu akhethekile ngokhetho lwakulo nyaka,”kubika i-BNI.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...