Kubonwa ngokusa kodutshulwe yishende lomkakhe

2016-11-05 18:37

Harare - Kwembulwa kwembeswa esosheni elisebenzela eMasvingo ngemuva kokudutshulwa yishende lomkhalo, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa asesifundazweni saseMasvingo u-Inspector Charity Mazula usiqinisekisile isehlakalo, wathi amaphoyisa asebophe umsowa, uWayne Matema, obasizayo futhi nangophenyo.

Uthe umsolwa kulindeleke avele enkantolo maduzane.

Amaphoyisa athi u-Joseph Ushe – oyisosha – udutshulwe kanye esifubeni nguMatema ambambe elele nomkakhe uTariro Mpofu.

OLUNYE UDABA: IZim icela usizo eNingzimu Afrika

“Isehlakalo senzeke e-Utsinda Primary School lapho umkakhe (uMpofu) efundisa khona,” kusho u-Inspector Mazula.

U-Ushe kubikwa ukuthi akashongo ukuthi uyeza kanti uzozithela kumkakhe elele nenye indoda, uMatema.

Baxabanise noMatema, okuthiwa ubenqunu, wathatha isibhamu wadubula u-Ushe kubika iNew Zimbabwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...