Kubonwa ngokusa ezilamanini ezihlaselwe zilele

2017-03-05 18:30

Blantyre – Kubikwa ukuthi kwembulwa kwembeswa ezilamanini ezimbili eQueen Elizabeth Hospital eBlantyre, eMalawi ngemuva kokulimala kanzima ngesikhathi zihlaselwa abantu abangaziwa.

Ngokombiko weNyasa Times, u-Alfred, 27, nomfowabo uYohane, 21, bahlaselwe besendlini belele ngezithuba zasekuseni ngoLwesihlanu eNsanje.

Amaphoyisa asiqinisekisile isehlakalo, athi aseqinise umkhankaso wokufuna abenzi bokubi.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu ezingu-6 esigangeni

Lokhu kwenzeke ngemuva kwezinyanga ezimbalwa inhlangano yamalungelo abantu, i-Amnesty International ithe abantu abanebala elimhlophe kuleliya lizwe bayahlaselwa.

Le nhlangano Isola amaphoyisa ngokwehluleka ukunqanda lo mkhuba oqhutshwa yizenzo zokuthakatha.

Babalelwa kwabangu-18 abantu abanebala elimhlophe asebebulewe eMalawi kusukela ngoNovemba 2014, ngokusho kombiko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...