Kubikwa ukuthi kunotokoloshe abazitika ngocansi nothisha

2017-02-06 18:00

Harare - Otokoloshe bazitika ngocansi nothisha besifazane esikoleni esiseZimbabwe esifundeni esisempumalanga yeManicaland, kubika iphephandaba lendawo.

IManica Post ibika ukuthi labo tokoloshe baqala ukuhlasela othisha ngoJuni ngonyaka odlule esikoleni iChishuma Primary kanti balokhu beqhubekile.

OLUNYE UDABA: Uthwele kanzima ohlezi eculelwa otokoloshe

Othisha ababili abaqinisekise ukuhlaselwa wotokoloshe bathe umfundisi webandla lendawo wabakhulekela ngemizamo yokuqeda lo mkhuba kodwa kuzwakale ukuthi akaphumelelanga.

"Izinto ezimfishane okungaqondakali noma ngabantu yini, okukholakala ukuthi ngotokoloshe kusolwa ukuthi zizitika ngocansi ngenkani nothisha baseChishuma e-Odzi njalo ebusuku," kubika iphephandaba.

Umholi wenhlangano yabalaphi bendabuko eZimbabwe, uGeorge Kandiero, utshele iphephandaba ukuthi: "Isixazululo sizoqhamuka uma abantu abathintekayo sebethole ukhokhovula wenyanga ezobageza."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...