Kubi kowesifazane ogencwe yisoka ngembazo

2017-07-03 19:29

Bulawayo - Ulwela impilo yakhe owesifazane waseFigtree esibhedlela iMpilo Central ngemuva kokugencwa yisoka lakhe elineminyaka engu-35 ubudala ngembazo laqeda lashisa umuzi wabo ngemuva kokumsola ngokuphinga.

Okhulumela amaphoyisa aseMatabeleland u-Inspector Philani Ndebele uthe isoka lalo wesifazane ligcwele amathafa.

OLUNYE UDABA:Usesimweni esibucayi ogencwe nguyise ngembazo

UNdebele uthe isigameko senzeke ePlot 92 Wooland Dale ePulazini eFigtree.

Uthe uThulani Ndlovu uklabhe intombi ngembazo kathathu ekhanda, ehlombe nasengalweni wase ebaleka.

UNdebele uphinde wathi intombi kaNdlovu ingeniswe esibhedlela iMpilo Central isesimeni esibucayi, kanti njengamanje ilele egumbini labagula kakhulu.

 - Bulawayo24

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...