Kubi endodeni ehlaselwe yimpisi ikwayo egcekeni

2017-06-18 08:39

Bikita – Kwembulwa kwembeswa endondeni yaseRunesu, eZimbabwe, kulandela ukuthi ihlaselwe yimpisi ngoLwesine ebusuku.

Ngokusho kwephephandaba loMbuso iChronicle, uGeorge Mukwidza, 57, uthole amanxeba ajulile esandleni sakwesokudla ngemuva kokudwengulwa yimpisi.

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko, engeza ngokuthi lesi silwane besiyingxenye yezinye izimpisi ezingu-12 ezigasele emzini kaMukwidza.

Kuthiwa uMukwidza ubelele egumbini lakhe ngesikhathi ezwa izinja zakhe zikhonkotha egcekeni.

Kuthe uma ephumela ngaphandle wabona izimpisi ezingu-12 zilwisana nezinja zakhe.

"Kuthiwa uMukwidza ube eseshaya enye yalezi zimpisi ngembazo yase isalela emzimbeni walesi silwane.

OLUNYE UDABA: Wadliwa yimpisi ubuntu ofuna ukuceba

“Kuthe uma ezama ukuyidonsa imbazo, enye impisi yaqhamuka ngemuva yamluma isandla,” kucashunwa amaphoyisa.

UMukwidza uze wahlengwa ngamadodana akhe akwazile ukubulala impisi eyodwa ngaphambi kokuthi amphuthumise esibhedlela.

Azijwayelekile izigameko zabantu abahlaselwa yizimpisi eZimbabwe, njengoba zijwayele ukuhlasela izinkomo.

Ngo-2016, abantu ababili ababehamba ngemoto neya ngaseVictoria Falls, khona eZimbabwe, basala bebambe ongezansi bebona impisi ihudula isidumbu somuntu.

Ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi le mpisi ayizange imbulale umufi, kepha yathola isidumbu sakhe ngemuva kokuthi ezibulale.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...