IZITHOMBE: Ubuye esenciphile emzimbeni umengameli ‘obexinekile’

2017-03-10 12:30

Abuja – UMengameli waseNigeria, uMuhammadu Buhari, uzobuyela ekhaya ngoLwesihlanu ngemuva kwesikhathi esicishe sibe yizinyanga ezimbili ethathe izinsuku zekhefu lokugula, ihhovisi lakhe lisho kanjalo esitatimendeni.

Lo Mengameli oneminyaka engu-74 ubudala ubelokhu eseLondon kusukela ngomhlaka-19 kuJanuwari, nalapho ebeseholidini ngokusemthethweni, kulokho iHhovisi likaMengameli elikubize ngokuthi “ukuhlolwa ngokwezempilo okujwayelekile”.

Bese kunemibiko esisabalele ethi lo Mengameli ubegulela ukufa okubalwa ngisho naleyo ebithi useshonile, phezu kokushicilelwa kwenqwaba yezithombe ezikhombisa lo mholi ehlangana nosopolitiki abaphezulu baseNigeria.

OLUNYE UDABA: Kwakusobala ukuthi yimina ozothatha izintambo kuMengameli - Owaxoshwa

Ngaphambilini uBuhari wake wahambela kule nhlokodolobha yaseBrithani ngoJuni wangonyaka odlule ukuze athole ukwelashwa kulokho okwachazwa njengenkinga eqhubekayo endlebeni.

Imbangela yokugula kwakhe kwakamuva ibingakadalulwa. Ukubuya kwakhe okuhleliwe kumenyezelwe esitatimendeni ngoLwesine.

Ngaphambilini, iHhovisi likaMengameli lishicilele izithombe ezimbili kuTwitter, nalapho lo mholi owayengumkhuzi wezempi ekanye noMbhishobhi webandla iCanterbury Justin Welby.

UBuhari ubegqoke umjiva wabenkolo yamaSulumane onsundu, kanti ubonakala enciphe kakhulu emzimbeni. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...