IZITHOMBE: Kushone abangu-15 engozini yeloli netekisi

2017-03-09 19:30

Bulawayo – Kushone abantu abangu-15 engozini eshaqisayo eduze nedolobha iBulawayo eNingizimu neZimbabwe – kanti kusolwa umgodi usemgwaqeni (pothole) njengembangela, kubikwe kanjalo ngoLwesine.

Izidumbu zabashonile zivaleleke amahora amaningi ezingcucwini zalezi zimoto ezibandakanyeke kule ngozi, okubalwa kuzo iloli kanye netekisi eduze naseNational University of Science and Technology ntambama ngoLwesithathu, ngokusho kwe-Chronicle.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kushone oyedwa itekisi ishayisana nemoto yemali

Umshayeli waleli loli utshele isiteshi sikamabonakude sikahulumeni eZimbabwe ukuthi ungene emgodini osemgwaqeni maqede wahluleka ukuyilawula. Ngemuva kwalokho kube sekuqhamuka itekisi, yashayisana neloli.

Lesi siteshi sikamabonakude sibike ukuthi bangu-15 abantu abashonile.

Abashayeli bezimoto eZimbabwe sekunesikhathi eside bekhala ngemigodi eba semgwaqeni kanye nezivimbamgwaqo zamaphoyisa.

Ngasekupheleni kukaJanuwari, umdlali weqembu lesizwe laseZimbabwe, u-Onismor Bhasera, wasinda engozini enzima yokushayisa kwemoto yakhe ngemuva kokungena emgodini osemgwaqeni eduze naseBirchenough Bridge, kubika iSoccer24.

Zibonele ezinye zezithombe zale ngozi enyantisa igazi lapha: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...