IZITHOMBE: Kunokwesabela ukuthi amasosha alungiselela ukuketula uMugabe

2017-11-14 18:08

Harare – Kubukeka sengathi isimo sisazoshuba eZimbabwe kulandela ukubonakala kwezimoto zamasosha enhlokodolobha ngemuva kosuku umkhuzi wamasosha esabise ngokungenelela ukuzama ukulungisa isimo kulandela isinqumo sikaMengameli sokuxosha iphini lakhe.

I-Associated Press ibika ukuthi ibone izimoto zamasosha zilandelana emgwaqeni obheke enkanjini yamasosha ngaphandle kwaseHarare.

OLUNYE UDABA: Uphiko lwentsha luthi lukulungele ukuvikela uMugabe

Nakuba kujwayelekile ukubonakala kwezimoto zamasosha kulo mgwaqo, lokhu okwenzeke ngoLwesibili kuthiwa kutatazelise abantu ngenxa yamazwi ashiwo umkhuzi wamasosha ngoMsombuluko.

UMugabe ngeledlule uxoshe iphini likamengameli u-Emmerson Mnangagwa, emsola ngokwakha itulo lokumgudluza esikhundleni.

Khonamanjalo, uphiko lwentsha lweqembu elibusayo eZimbabwe luthe  luzomvikela uMugabe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...