IZITHOMBE - I-Zanu-PF ithi ‘uyasukelwa’ uGrace Mugabe ngezinsolo zokushaya

2017-08-30 12:31

Harare – Iqembu elibusayo eZimbabwe likaMengameli Robert Mugabe, iZanu-PF, lihlele imashi kanye nerali eHarare ngoLwesithathu ukukhombisa ukweseka unkosikazi kaMengameli obhekene nezinkinga, uGrace Mugabe.

UGrace uthole okukhulu ukugxekwa kulandela izinsolo zokuthi wanenebula ngentambo kagesi waphinde walimaza kabi owesifazane waseNingizimu Afrika, uGabriella Engels, ngesikhathi evakashele eNingizimu Afrika emasontweni amabili edlule.

OLUNYE UDABA: Sekukahlanu uGrace Mugabe evulela ngesibhaxu emazweni

UMengameli uMugabe kanye nonkosikazi wakhe kulindelele ukuba bathule inkulumo kubalandeli beZanu-PF, nokubikwa ukuthi bazobe beqhamuka kuzo zonke izifundazwe ezweni.

IZanu-PF ikholwa ukuthi uGrace Mugabe upendwa ngobende inyama engayidlanga ngezinsolo abhekene nazo, yathi lokhu kungamatulo nje akhiwayo, ngokombiko weNew Zimbabwe.com     

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...