'Izinyoka sezibulale abangu-91 emasontweni amathathu'

2017-11-12 15:05

Lagos - Sekushone okungenani abantu abangu-91 kula masonto amathathu edlule eNigeria ngemuva kokulunywa yizinyoka - kanti odokotela basola iziphathimandla zezempilo ngokuhluleka ukukhipha imithi eyanele evimbela ukungenwa wubuthi.

Ngokusho kombiko weThe Daily Post, izifunda ezithinteke kakhulu yiGombe nePlateau.

Izingxenye zeNigeria ziyizidleke zezinyoka kanti kuvamile ukuthi abantu bahlaselwe yizinyoka uma kuyisizini yokuvuna ngoba basuke bematasa besebenza emasini.

Kepha ngokwejwayelekile imithi evimbela ubuthi ukuze kusindiswe izimpilo zabantu abasuke belunywe yizinyoka, ihlezi ikhona.

Ngokusho kwezisebenzi zasezibhedlela ezahlukene, ukuhluleka kukahulumeni ukuhlinzeka ngale mithi kwenza zingakwazi ukusiza izisulu.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ulunywe yinyoka elele

U-Abubakar Aliyu wase-Aliyu Mega Pharmacy eGombe ucashunwe ethi: “Samukela cishe izisulu ezingu-50 ngelanga. Ezinye zifika lapha esibhedlela isimo sisibi, kuphoqeleke ukuthi zifele phambi kwethu ngenxa yokuthi asikwazi ukuzisiza."

Uthe kushona okungenani abantu abangu-6 ngelanga abasuke belunywe yizinyoka.

"Uma ungaya lapho okwelashelwa khona abantu abalunywe yizinyoka eKaltungo General Hospital, ungafike udabuke ngenxa yesimo."

Uhulumeni uphikile ukuthi le mishanguzo iyashoda, wathi lokho kungamahemuhemu nje. Uthi izibhedlela ziyehlukela ukucela le mithi kusenesikhathi ukuqinisekisa ukuthi ikhona ezibhedlela.


- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...