Izingane ezintathu zishe zangqongqa kusha indlu

2018-01-18 13:59

Harare - Umndeni wakwaMberengwa wehlelwe yinhlekelele ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi izingane ezintathu zibulawa umlilo ekamelweni zilele.

Indlu efulelwe ngotshani ebezilele kuyona phakathi kwamabili kubikwa ukuthi ishiswe yikhandlela okulalwe livutha.

Isigameko senzeke eMawani Village, eZimbabwe.

UMichelle Hamandishe, 4, Yvonne Shiri noChief Maziofa, bobabili abaneminyaka emithathu ubudala, bashe bangqongqa.

OLUNYE UDABA: Ufunwa ngamacala okukhwabanisa eKenya owayenguNgqongqoshe eZim

Ekhuluma ngesigameko, okhulumela umndeni, uGarai Masundire, uthe umndeni ushaqekile ngesigameko.

Uthe ilungu lomndeni lishiye ikhandlela likhanya ngesikhathi izingane sezilala ebusuku. Uthe kodwa akwaziwa ukuthi lithinteni ukuze livuthe.

Umndeni ucele ukusizwa ngemali yokungcwaba izingane, kubika iNewZimbabwe.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...