IZimbabwe yamukela umengameli omusha namuhla

2017-11-24 09:27

Harare - Kulindeleke ukuba uqale namuhle (ngoLwesihlanu) ngezithuba zabo-09:20 umcimbi wokugcotshwa kwamengameli omusha eZimbabwe, u-Emmerson Mnangwagwa obeyisekela likaMengameli kuleli zwe.

UMnangwagwa uzofika kulo mcimbi nonkosikazi wakhe ngezithuba zabo-10:30, uma zonke izikhulu zezihlaliswe phansi.

IMeya yedolobha laseHarare izoba ngeyokuqala ukwamukelwa kulo mcimbi ilandelwa yi-Commander of the Defence Forces and Service Chiefs.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke ukuba afungiswe njengomengameli uMnangagwa

Kwamukelwe amalungu ephalamende, yi-Central Committee and the Politburo -Diplomatic Corps, kanjalo namajaji enkantolo yokudluliswa kwamacala nawezinkantolo ezinkulu, abashushisi nabameli.

Kwamukelwe bonke ongqongqoshe, usomlomo wephalamende, umengameli weSenate, uChief Justice nezikhulu zombuso.

UMnangwagwa uzokwamukelwa ngeculo lesizwe uma esefika enkundleni yezemidlalo eHarare.

UMinister of Religion, Right Reverend Bishop Mutendi, uzobe esevula lo mcimbi ngomthandazo ngaphambi kokuba kusukume uChief Justice Luke Malaba okunguye ozofungisa uMnangagwa.

Uma uMnangagwa esengumengameli uzobe esethula inkulumo njengomengameli wesibili eZimbabwe ngezithuba zabo-12:10.

Ngezithuba zabo-12:40 oweZanu-PF uzokwethula inkulumo yokubongela umengameli omusha.

Konke lokhu kuzobe sekulandelwa wumgubho wosuku.

 - Twitter:


 - eNCA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...