IZimbabwe isikaza ukugunyaza ukutshalwa kwensangu ukuheha abatshalizimali

2017-07-10 11:00

Harare - IZimbabwe icabanga ukwenza kube semthethweni ukutshalwa kwensangu ngezizathu zezempilo ukuze ihehe abatshali bezimali abanentshisekelo yokutshala lesi sidakamizwa, kusho uNgqongqoshe weKhabhinethi.

UNgqongqoshe we-Investment Promotion, u-Obert Mpofu, uthi ifemu yaseCanada isifake isicelo kuhulumeni ukuze ithole imvume yokukhiqiza lesi sidakamizwa nesidume kuleliya lizwe ngokuthi imbanje, ezweni lapho kunezinhlelo zokwaka izindawo zokunyuswa kwezinga lomnonto, ama-Special Economic Zones (SEZs).

“Sesithole imibuzo eminingi kubatshali bezimali abafuna ukubamba iqhaza kuma-SEZ futhi omunye wabo yinkampani enkulu yasemazweni angaphandle nefuna ukubamba iqhaza ekukhiqizweni kwensangu,” uMpofu ucashunwe esho kanjalo kwiphephandaba likahulumeni, iSunday News.

OLUNYE UDABA: Insangu isingasetshenziswa emakhaya – isinqumo senkantolo

IZimbabwe isezinhlelweni zokwakha ama-SEZ ezindaweni okubalwa kuzo iHarare, Bulawayo kanye neVictoria Falls.

Lezi zindawo zizonikeza abatshali bezimali imihlomulo, okubalwa nokuthi ingasebenzi kubona eminye yemithetho yabasebenzi kanye nemithetho ephathelene nohlelo lokufukulwa kwabantu abamnyama.

Uthi ngesikhathi le femu yaseCanada, angazange ayibize ngegama, ibuza okokuqala ngokukhiqiza insangu kuleliya lizwe wazitshela ukuthi yenza ihlaya. Lokho kwakungaphambi kokuba abone ukuthi ukukhiqizwa kwensangu ngezizathu zezempilo kuyibhizinisi elikhulu.

“Angiyiboni into engalungile futhi ngicabanga ukuthi uma sikwenza kube semthethweni (ukukhiqizwa) kwembanje sizohlomula ngokwezempilo ngoba iyasetshenziswa emaphilisini afana ne-morphine ukuqeda izinhlungu."

Ngokwemithetho yaseZimbabwe kuyicala okutholakala kanye nokutshala insangu futhi ungakuboshelwa. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...