Izilengisile edlwengule udadewabo kankosikazi omncane

2016-10-06 12:35

Bulawayo - Izilengisile indoda ngemuva kokudlwengula udadewabo kankosikazi wakhe omncane oneminyaka engu-5 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa aseMidlands u-Inspector Joel Goko ngoLwesithathu uqinisekise ukuthi amaphoyisa ancinzwe indlebe ngesigameko sokushona komuntu e-Amaveni, eKwekwe, njengamanje kusaqhutshekwa nophenyo.

OLUNYE UDABA: Unogada kasaziwayo obanjwe inkunzi uthi uzozibamba izigebengu

USamson Machaya, 60, waba nengxabano nonkosikazi wakhe mayelana necala lokudlwengula ayesolwa kulo.

UMachaya wayenqaba ukuya enkantolo ethi ekafuni ukuya ejele yena ngento angayenzanga. Kwasuka ingxabano enkulu uMachaya wabaleka ekhaya kusukela ngomhlaka-1 Okthoba ngezithuba zabo-18:00 wangaphinde wabuya.

UGoko uthe amaphoyisa abe esemubheka, athola isidumbu sikaMachaya silenga esihlahleni esiseduze nehlathi ngoMsombuluko, kubika iBulawayo24.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...