Izikhukhula eZim: Kushone abangu-246, inqwaba yasala dengwane

2017-03-03 11:00

Harare – Izikhukhula eZimbabwe sezibulale okungenani abantu abangu-246 kwaphinde kwasala abalinganiselwa ku-2 000 bengasenamakhaya kusukela ngoDisemba, ngokusho kwahulumeni.

Leli zwe eliseningizimu ne-Afrika selicele iminikelo engango- $100m emazweni aphesheya ukuze kusizwe labo abakhahlanyezwe yizikhukhula esezigugule amanye amabhuloho kanye nemigwaqo, zaphinde zaphinde zashiya imiphakathi eminingi isele dengwane futhi ingasakwazi ukuxhumana neminye.

UNgqongqoshe woHulumeni baseKhaya eZimbabwe, uSaviour Kasukuwere, ukhiphe isibalo sabantu asebeshonile ngoLwesine. Uthi abantu abangu-128 bathole ukulimala ngesikhathi kunezikhukhula ezidalwe yimvula enamandla.

OLUNYE UDABA: ‘Unkosikazi kaMugabe ne-Zanu-PF banesihluku kuMugabe’

UMengameli wakuleliya lizwe, uRobert Mugabe, nokuyimanje useSingapore njengoba eyohlolwa ngokwesimo sempilo, uhlonze lezi zikhukhula njengenhlekelele yezwe kuleli sonto.

Lezi zikhukhula zikhahlameze kakhulu izindawo eziseningizimu neZimbabwe.

Kuphinde kube nokwesaba ukuthi kungase kudaleke omunye umonakalo emiphakathini esezindaweni ezisemazansi njengoba amadamu egcwele ephuphuma.

Amabhuloho amahlanu asemigwaqeni emikhulu engothelawayeka agugulekile, kusho uNgqongqoshe wezokuThutha, uJoram Gumbo.

Kwenzeka lokhu nje iZimbabwe ivele ibhekene nezinkinga eziningi, okubalwa kuzo nokuhluleka ukuholela izisebenzi zikahulumeni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...