Izigebengu zebe impahla lapho kwakhiwa khona umuzi wengane yowayengumengameli

2018-03-14 14:03

Harare - Abesilisa abathathu bavele enkantolo eHarare ngokweba impahla engabiza u-$5 000 lapho kwakhiwa khona isithabathaba somuzi kaBona Mugabe ngemuva kokwehlula ngamandla iphoyisa.

Abesilisa abathathu balivumile icala lokuphanga kanti kulindeleke bagwetshwe ngoLwesithathu, kubika iHerald.

URobson Kandenga, Peter Mangwiro noBrighton Chisiko basebenzisa iloli ababeliqashile ukufaka kulona impahla.

OLUNYE UDABA'UMugabe kumele asike iphethini kuZuma'

Abasolwa izimpahla bazidayise ezindaweni ezahlukene.

Enye yempahla ibonwe ngumakhi, okunguyena osize amaphoyisa athola izigebengu.

UBona Mugabe yindodakazi kaMugabe kanti uyena omdala ezingane ezintathu anazo noGrace Mugabe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...