Izibulele indoda kubangwa ezezimali nomkayo

2016-05-05 10:01

Kenya - Izilengisile indoda kulandela ukungaboni ngaso linye nonkosikazi wayo kubangwa ezezimali.

UBenjamin Achola, 41, kuthiwa uqoqe zonke izimpahla zomkakhe ngemuva kokungaboni ngaso linye nomkakhe emxosha emzini wabo kdwa wenqaba ukuhamba umakhe.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ubulawe washumpulwa amabele

U-Achola wase-East Asembo, eSiaya County ube esekhetha ukuhamba yena, watholwa eseyisidumbu ekuseni.

Inkosi yendawo yase-East Asembo u-Eric Okal uqinisekise isigameko.

"Ngemuva kokuba umakhe enqabile ukuhamba emzini wabo  ngesikhathi exoshwa wumyeni wakhe, u-Achola wavuka ekuseni ngezithuba zabo-04:00 wahamba, kwavuukwa elenga esihlahleni."

Isidumbu sika-Achola sitholwe umama wakhe ongamzali ngezithuba zabo-07 elenga esihlahleni esibayeni. Umama kamufi wahlangabezana nesidumbu ngesikhathi eyobheka imfuyo yakhe, kubika iStdmedia.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...