Ize yaya enkantolo intombi ngenxa yesoka ebelingasagoduki

2017-07-08 15:18

Bulawayo – Owesilisa owavakashela intombi yakhe ethi uyolala ubusuku ububodwa nje kuphela endlini yayo wagcina esehlala izinyanga eziyisikhombisa.

Lokhu akwehlanga kahle entombini yakhe u-Auxillia Dube, kubika iBulawayo24.

Kuthiwa konke lokhu kwaqala ngesikhathi uSamson Mandiyambira emenywe yintombi yakhe ukuba azolala endlini yayo ubusuku obubodwa kepha wakhululeka kakhulu wagcina engasagoduki.

Kuthiwa kwakuthi uma uDube embuza ukuthi uhamba nini avele abeke izaba bese egcina esebeke uDube isandla.

OLUNYE UDABA: Isoka lisolwa ngokubamba intombi ngomuthi

Lokhu kwaholela ekutheni uDube ababele enkantolo ukuze kube yiyo exosha isoka lakhe.

“USamson wafika endlini yami evakashile ubusuku obubodwa nje kuphela kepha kwakuthi uma ngithi akagoduke abeke izaba. Wagcina esehlala nami izinyanga eziyisikhombisa.

“Kwaba muncu ngoba njalo uma ngithi akagoduke wayengithela isibhaxu aze asabise ngokungibulala,” kusho uDube.

Uthi uMandiyambira usenanomkhuba wokumntshontshela.

Ummangalelwa akazange aziphike izinsolo, imantshi yakhipha isinqumo sokuthi kuzomele agoduke, ashiye uDube ngokuthula.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...