Ivelile indoda elale nenkosikazi kamakhelwane

2017-11-01 19:32

Lagos - Ivelile enkantolo indoda ngecala lokudwengula ngemuva kwezinsolo zokuzitika ngocansi nonkosikazi kamakhelwane wayo ngesonto eledlule.

UNkosinathi Sibanda, 27, kusolwa ukuthi waphuma ekamelweni lakhe enqunu ekuseni ngovivi wayongena embhedeni wolo wesifazane ngesikhathi ugesi ucishiwe.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu unkosikazi enqaba 'nekhekhe'

Kusolwa ukuthi wazibandakanya naye ocansini, lo wesifazane naye wamvumela enganakile ukuthi akusiye umyeni wakhe lo osembhedeni.

Lo wesifazane, 25, wathola ukuthi wenziwe isiwula ngemuva kokwenza ucansi nale ndoda. Wadushela uSibanda le, wagxuma embhedeni wayokhanyisa ugesi.

Wabe esebona kanjalo ukuthi ulale nomakhelwane wakhe engaqondile.

Omakhelwane bezwa lo wesifazane ehayiza ecela usizo, kwase kubizwa amaphoyisa zamkhalela kanjalo uSibanda.

 - CAJ NEWS

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...