Itwetwe ngokufika kuka-MMM emazweni angaphandle

2016-12-20 18:04

Abuja - Ukufika kweMavrodi Mondial Moneybox (MMM) eKenya naseGhana, ngemuva kwamahora angu-48 imisiwe eNigeria kudale itwetwe kwizakhamizi zaseNigeria ezingamalungu a-MMM.

UChiamaka Ugorji, ongunkosikazi kaChuddy Ugorji, okunguye okhuthaza abantu ngoMMM eNigeria, uzame ukwehlisa amalungu aMMM umoya ngokuwabhala incwadi evulelekile yokuqinisekisa uuthi izimali zabo ziphephile kodwa nalokho kwangalunga.

OLUNYE UDABA: Itwetwe kumalungu njengoba u-MMM ushintsha izinhlelo

Amanye amalungu akhulume nabezindaba iNews Agency of Nigeria (NAN) ngoMsombuluko e-Abuja, bezwakalisa imicabango yazo ngodaba.

UCharity Okafor uthe: " Ngangena ku-MMM kabili, ngaqale ngafaka uN500 000 ngaphinde ngafaka u1 million Naira, imali yami yabuya isiyisamba esikhulu.

"Yize kunjalo, ngashiya phansi futhi ngaba nenhlanhla ngokuba nabantu abangithandayo eduze nami okuyibo abangigqugquzela ukuba ngingabe ngisayifaka imali yami kuwo uMMM.

"Ngiyazi ukuthi bengizohlanya ukube benginemali ebengiyifakile ku-MMM ngesikhathi imiswa," kusho u-Okafor.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...